Izinkondlo zothando nezindaba rzimfushane

Izinkondlo zothando nezindaba rzimfushane Izinkondlo zothando nezindaba ezimfishane

22/03/2023

Inkondlo yokuvalelisa kubafwethu no dadewethu

Mhlaba kawunoni!

Mhlaba kanunjan
Wathatha osisi no bhuti esibathandayo
Uthi siphile kanjan?

Manjek Nkosi Sophila kanjena
Kuze kube Inini?
Uma sithi sibheka eMkhomazane
Uthathw untanga wethu awuqendanga
Waya kaMahlahlane omuny futhy
Manj uzothatha usisi ontanga yethu
Uthi siphile kanjan ngempel?

Sekwi nsaka vukela umchilo wesdwaba
Ukuthatha intsha kulomhlaba
Uthi siphile kanjan?
Bomama bomthandazo mesicela nivale
Lomkhokha ka Qwabe ngoba uyanda masingabhekile.

Ndabezitha Nkosi yesizwe.
Nduna yenkosi
Zinduna zamacala.
Sicela ukubona kushintsha
Babodwa abaguli, Babodwa abazihengayo
Babodwa abadlwengula babulale izingabe ezingecala.

Umkhuba uyanda bantwana bethongo
Bhulani hlampe kukhona eningakubona
Bazalwane thandazani niqhubeke.
Maphoyisa phenyani phel niphume
Nomsolwa.

Zafa nje impela izingabe zakithi
Zingena Cala.
Zidlal abantu abangazifun
Zibonakale ziphumelela.

Thina asizabalazeni
Siphikelele.
Abafwethu basalile endlen manj
Asichothozen impela khona kunzima kanje.

Inkondlo yokuvalelisa kubafwethu no dadewethu abadlule emhlabeni besebancane😭😭😭 kunzima ka Qwabe bamfwethu

22/03/2023

Ngyaxolisa bamfwethu nosisi Kade ngangcin a ukubhala kodwa manj ngibuyile ❤️❤️❤️

08/11/2022

Inkondlo ye shumi nanye11
Isihloko: Umthandazo wami wemihlangemihla

Bazalwane masiphindelen
Evangelini lokuqala
Bazalwane sithandaze inkosi
Yethu ephila mihla namalang
Inkosi esinqobelayo ezindlelen zobumnyama
Khanyisa Thingo lwenkosazana,
Uqale nami Mqali wendlela usibekekel
Ezindlelen zaba skolodayo sthembe
Wena smakade sezulu.
Nkosi yehova sbhekise amehlo ethu
Kuwe skhumbule Dwala lamadwala
Kuwe kukhona umthombo owenza
Abakhosela kuwe bangalambi, bangomi
Usithembisile othembisayo wathi
Uzoba ephakadeni

19/09/2022

Inkondlo Yami yokungcina
Isihloko: Ngyanithanda

Selufikile usuku lomhlawuphela
Sengiliqendile uhambo lwami
Ngikwenzile ekade ngikuzele emhlabeni
Inhlupheko ngiyiboni.

Ngaleskhathi ngicela ningixolele Bangani bami.
Nina ekade niwa nivuka nami
Ngyavuma nginiphoxile kodwa okungapheli kuyahlola.

Bengithi nginabazali abangithandayo
Kodwa ngyabon manj ukuthy mengibhuqa
Sengiyifezile indlela yami Ngyanithanda
Aninginishiyi nalutho kodwa ngithi
Qhubelekani ekujuleni impilo ingimoshile.

Ngyanithanda bodadewethu nani bafowethu
Akekho noyedwa odlulile emhlabeni ngikhon
Kodwa kuqala ngami.

Isinyama silethwa imina emndenin zingane zasekhaya ningixolele.
Angiphathekile kahle sobonan kwelizayo
Nize ningikhonzele ka mhlaba omagadugadu.

Ngihluphekil ngenela nganethwa izimvula
Nilokhu nikhona nangaso leskhathi sokuthi
Nginifulathel bantwana basekhaya.

Ngyanithembisa ukuthi noma sengingale
Kwelam thongo ngzonibheka ngane zakwethu.

Ngyanithanda kakhulu.

Inkondlo Yami yokungcina nize ningikhumbul
Ngezikhathi zakho esibe nazo nani.

14/08/2022

Inkondlo yeshumi 10
Isihloko:Usishiyelani

Usufuna ukusishiya soneni kani ?
Ungavumi kusemnandi kulendawo.
Ukhumbule khona esavumelan ngakho
Esingakakwenzi kulendawo.
Laba abacabang ukuthi usishiyile
Bashwebile sisaphelele kulendawo
Sisazophelela futhi uma kusathanda umdali.
Siphila ngomusa nango thando lwakhe
Siphilela yena nemindeni yethu .
Syabonga ukuvika dlozi uthi akukabi iskhathi
Sokumlanda.
Mhlaba kawunoni usemncane lomuntu
Ofuna ukumthatha.
Mlinde akhule usakhula.

Ibhalwe u Sfundo Mthethwa imbongi

02/08/2022

Inkondlo yesi 9
Isihloko :Ziyaziqathakela

Kona akukho mnandi
Ngyabamba ngyayeka
Ngyahlanganisa kodwa
Inking zona Ziyaziqathakela

Ziqathaka kuhle kwamagagasi
Olwandle ziyehla ziyalandelana.
Ukuthi inike wena uyazi kodwa
Zona Ziyaziqathakela.

Kube kuhle kudele
Kubhede kakhulu kunakuqale
Inking iyodwa vo zona Ziyaziqathakela.

Ziyaziqathakela kukho
Konke engikwenzayo.
Ukuthi yin leyo uwena owaziyo
Kodwa zona Ziyaziqathakela.

Ibhalwe u sfundo Sfundo Mthethwa

24/07/2022

INGOMA KANYE NEMICIMBI YESINTU,UMCULO KAMASIKANDI, IZINKONDLO,IMIDLALO YASE TEJI KANYE NOKUNYE.

22/07/2022

Inkondlo:yesishangalombili 8
Isihloko:BANGANI BAMI

Zimpintsi nezimpintshikakazi
Zami ngeke ngikhohlwe nina
Nibafwethu ningobhuti bami
Ningo sisi bani ngyanithanda
Bangani bami.

Sigudlile sashayeka
Zimpintsi zami.
Saphusha sayaphambili
Sahamba sayeka
Sashiswa insimbi yapholele ezandleni
Nina niyinkabi engingazithemba.

Izinja zempilo
Sihlanganisile sahluleka
Kokunye saphumelela
Adiqhubekeni bafethu
Sbheke phambili

Ngyanithanda bangani bami
Amahle Gumede
Quality Gumede
Sanele Gumede
Luyanda Lurh Ngwekazi
Mthobisi Mpisane
Neymer Mtheh
Thobelani Nta Duma
Ndilerh Mtolo
Sthabiso mzen

Bangani bami asiqhubekeni
Sbhekeni phambili
Ngyanithanda bangani bami

Ibhalwe u sfundo Sfundo Mthethwa

05/07/2022

Inkondlo yesikhombisa 7
Isihloko:BABA

Ngiyafisa ukukwaz
Kodw ngyahlulek
Sibaningi impela kodw
Ngiphe phela esami iskhathi.

Ngilokhu ngiyalokoza 🙄
Ngingu mtshingo ubethwa ngubani.
Ngyakunxusa libe lodwa ilanga
Usho ukuthi uzizwa kanjan ngami.

Mengifisa ukuthy mhlazane
Inkosi ikubizela kwelamathongo⚰️
Ngibe ngikuxolele.
Nkosi thambisa inhliziyo ebukhuni.

Ngiqala ukukwaz ngangithi
Ngaluthola nami uthando lukababa❤
Kodwa ngyabon manj
Amehlo hlezi ehlengezel izinyembezi😭 zokujabha.

Ngihleli kwimanj ngiqunge
Isibindi sokuthi ngike khaya 🏠
Ukube kuya ngaye ngabe ngidla
Izidakamizw.
Ngyabong ngokuthandwa nguwe nkosi🙏.

Ibhalwe u sfundo SfunSfundo MthethwaeSfundo Mthethwa

02/07/2022

Inkondlo yesithupha 6
isihloko: Ndizozisola

Vuthulula lezongcingo nezonhlungu
Ndifun nje ungithande
Ndifun ungithemb nenhlonipho

Ndifun siphile ngothando
Ndifun siphile ngoxolo nenhlonipho
Ndithi nje ndikuxoxela inyani
Ngoba ngelinye lamalanga lizakusindis.
Mehlo madala sthandwa senhliziyo yami.
Sekudala sagqibelana, kodwa uthando lusasekhona.
Lubonakala ebuswen bakho
Nemingxili yomzimb wami
Lona lufuna wena wedwa qha!
Bek' izandla emangxeni ami
Masiluve loluthando ngaphakathi.

Ndizozisola nxa! Ngayekelelwa nguwe
Asihambe siye kanhliziyo ndise
Akukho namuny umunt ozakushukumisa.
Khona amagama engifun ukuwash kuwe.
Kodwa afun thin sobabili qha.

Ibhalwe u sfundo Sfundo Mthethwa

30/06/2022

Inkondlo yesihlanu 5
isihloko: myekele ahambe

Nhliziyo yam myekel ahambe
Ngangikuthemba wadlala ngami
Ngakuthanda wangenz islima
Nhliziyo yam myekel ahambe
Udlalile ngami qhondo yami
Wangenza ngazisola
Kodwa nhliziyo yam myekel ahambe Qhondo ngyakuvuma
Qhondo uyakwaz ukukhohlis
Inhliziyo.
Ngangikuthemba nhliziyo yam
Ukuthy ngek ukhohliswe i qhondo
Nhliziyo yam myekel ahambe
Ngangithy ngzokwaz ukukmel
Kodwa noma kunjalo yangikhohlisa i qhondo.

Ibhalwe u sfundo Sfundo Mthethwa

Address

Nquntshini Road
KwaMakhutha
3108

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izinkondlo zothando nezindaba rzimfushane posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The University

Send a message to Izinkondlo zothando nezindaba rzimfushane:

Share