18/04/2026
Shout out to my newest followers! Excited to have you onboard! Malindela Malindela, Mandla Ximba
This is a story of a girl who lost her parents because of HIV and she end up staying with her uncle who was a hooligan
Shout out to my newest followers! Excited to have you onboard! Malindela Malindela, Mandla Ximba
Sanibonani layikhaya wajabuleleni amaholide bese niziphatha kahle nizibheke
Ake ngibingelele kini nonke bahlobo , sesiside iskhathi ingasazani mara konke sekulungile manje umdlalo ngizowuqala phansi ngiwuqhube uze uyophela
Sanibonani balandeli bomdlalo osihloko sithi " Ikusasa kalaziwa / nami kangizenzanga" ngicela ukundlulisa nasi isicelo sokuthi ngiwubhale ngiwuqede lomdlalo bese ngizoqala phansi ngiwu poste kuleli page okuyilapho okungeke kusamiwa khona ke ngoba ngizobe ngiwubhale ngawuqeda Ku computer.
Ngiyathemba isicelo Sami siyokwamukeleka 🙏
Asikhulekeni bazalwane sesaphila ezweni elibi elinesihluku futhi
Kulencwadi engiyibhalayo iqukethe zonke izinhlobo zobuhlungu nezinqinamba intsha yakithi ebhekana nazo zinsuku zonke.
"Nami kangizenzanga "
Esikoleni(Kusanda kukhala insimbi yokuphuma kwesikole)
Thobile: Zinhle uthi uthisha uMabizela ngikucele udlule kuyena ngaphambi kokuba ugoduke.
Zinhle: Hawu! Ngabe ungibizelani uthisha? Akazange akwazise, mzala, ukuthi kungabe ungibizelani?
Thobile: Cha, mzala, akazange angitshele.
Zinhle: Ihhe! Ingabe ngibizwelani nesikole sesiphumile nje?
Thobile: Phuthuma mzala khona uzoshesha ukubuya sihambe ngoba nawe uyamazi ubaba ukuthi unjani uma seseqelwe yisikhathi sokubuya ekhaya
Zinhle: Hheyi, mzala, washo enye into emqoka! Uyazi ngoba phela nemvubu singayithola izintazela emoyeni nje. Ungangishiyi kakhulu, mzala, nami ngiyakulandela kungekudala.
Thobile: Kulungile, uzongifica ngendlela ke, mzala.
Egumbini lothisha(UZinhle ungqongqoza esicabheni, angene)
Zinhle: Sawubona, Mnumzane Mabizela.
Mabizela: Yebo.
Zinhle: Ngizwa kuthiwa uyangibiza.
Mabizela: Yebo kunjalo, ndodakazi. Wena ukahle nje empilweni?
Zinhle: Yebo ngiyaphila. Ukukhala akusizi.
Mabizela: Donsa nasi isitulo, ndodakazi, uhlale phansi ngoba kuningi okumele sikudingide.
Zinhle: Hawu! Ngihlale phansi, Mnumzane? Ekubeni sesiphumile isikole? Kanti kwenzenjani?
Mabizela: Kumayelana nomsebenzi wakho wesikole, Zinhle. Ingakho ngikubize wedwa nje lapha.
Zinhle: Thisha, umsebenzi wami wesikole unjani ngoba phela ngiyawenza wonke futhi angiphuthi namunye, futhi kufanele ngihambe mina ngiye ekhaya manje. Phela umalume uzongishaya uma ngiba umvakwezinye.
Mabizela: Ngithe donsa isihlalo ngizokubonisa ukungahambi kahle kwezifundo zakho ngoba ulokhu udaza inkani nje.(Nembala asidonse isihlalo uZinhle ngoba ebona uthisha eshintsha nasebusweni futhi ephakamisa nezwi)
Zinhle: Kodwa, Mnumzane Mabizela, umsebenzi wami besingawubona nakusasa nje ngesikhathi sekhefu.(Asondele uZinhle, ahlale eduzane nothisha uMabizela ukuze akwazi ukuwubona kahle lomqulu olokhu uphenywa)
Mabizela: Uyabona Zinhle izifundo zakho ziyehla. Kungabe ikhona inkinga onayo yini?
Zinhle: Cha, Mnumzane. Ayikho inkinga enginayo.(Uyashintsha ebusweni uZinhle, kuyacaca ukuthi uphatheke kabi)
Mabizela: Pho kungani wehlisa izinga lokuphasa ezifundweni zakho. Buka nje wehlile nasesifundweni owasincela ebeleni. Kanti kwenzenjani ngempela?(Zehla zilakanyana izinyembezi kuZinhle)
Zinhle: Selokhu kwashona abazali bami nje injabulo angisayazi. Kwathi emuva kokushona kwabo ngasala nomalume beno malumekazi. Kwaba ukushintsha kwayo impilo yami yaba into engingayazi.
Mabizela: Ngiyaxolisa ukuzwa lento enjena. Khona kubuhlungu ngempela, Zinhle. Kodwa umalume wakho engayenza kanjani into enjena enganeni kadadewabo? Phela uyigazi lakhe wena kufanele akunakekele ikakhulukazi emuva kokushiywa abazali bakho emhlabeni.
Zinhle: Ayisekho into engiyiphilelayo emhlabeni manje! Zonke izinto zami azihambi kahle!(UMabizela usondela kuZinhle, amuphulule emhlane, ehlise isandla agcine emphulula amathanga)
Mabizela: Thula, Zinhle, ungakhali. Konke kuzodlula. Lokhu obhekene nakho kuyisimo nje sesikhashana obhekene naso. Empeleni izimo ezifana nalezi yizo ezikwenza uqine, ukwazi ukumelana nezingqinamba zempilo. Kungcono sithandane, Zinhle. Mina ngizokuphatha kahle, futhi angeke uphinde uswele lutho emhlabeni.(UZinhle uyagxuma asuse isandla sikaMabizela emathangeni)
Zinhle: Hhayi bo! Kahle, thisha, wenzani manje? Futhi sesihambile nesikhathi! Kufanele ngihambe ngiye ekhaya ngoba bazongishaya uma ngifika sesihambe kakhulu isikhathi.(UMabizela usukuma esihlalweni)
Mabizela: Hawu! Usuyahamba njalo kusemnandi kanjena ukuhlala nawe?
Zinhle: Usale kahle, thisha, ngiyahamba. Sekuhlwile, nesikole kade sphumile.(UMabizela uyasheshisa avale isicabha. Uncikisa uZinhle etafuleni, amdlwengule)
Kusekhaya kubo kaThobile(UThobile uthatha uyabeka ebona sekudlule amahora amathathu ebuyile esikoleni kodwa uZinhle yena engaqhamuki. Kuthi esazulazula, egcwala indlu, kube kungena ubaba wakhe, uMnguni)
Mnguni: WeThobile!
Thobile: Yebo Baba?
Mnguni: Awungichazele ngempela. Kanti esikaZinhle sona isikole asiphumi yini kuze kube yilesi sikhathi?
Thobile: Ubebizwe uthisha, Baba. Mhlawumbe useyeza manje ngoba ubekade ethe bayodingida izifundo zakhe.
Mnguni: Izifundo zani, lana? Uma ebhekene nezifundo uthi kupheka bani la ekhaya? Yena uzodla izifundo zakhe lezo yini?
Thobile: Chabo, Baba, akunjalo futhi ngiyethemba usendleleni nje kuyimanje umzala.
Mnguni: Usendleleni yena uyizulu yini?
Thobile: Uxolo, Baba, ngisacela ukuqedela ukushanela.
Mnguni: Kulungile. Ungibize uma kufika uZinhle(UZinhle uyagijima, uphuthuma ekhaya. Uhamba ekhuluma yedwa)
Zinhle: Oh hhe! Kazi namuhla ngizoshaywa okungakanani ekhaya njengoba nesikhathi sesihambe kangaka njena ngoba kuyafana nomalume angeke afune ukungizwa ukuthi kungani ngibuye ngalesi sikhathi. Kodwa akusenani sekuyobonakala phambili. Awuthi ngicoshe itshe elincane ngilifake ngaphansi kolimi ngibone ukuthi ikhona ngempela yini lento yokuthi awushaywa uma ifake itshe ngaphansi kolimi.(UZinhle uhamba endleleni nje usezinhlungwini emuva kokudlwengulwa nguthisha wakhe, uMabizela. Ubona igazi lehla ngemilenze ngesikhathi ecosha itshe. Ukhumula ijezi lesikole alibhince ukuze afihle ukopha. Usula izinyembezi ngokushesha)
Zinhle: Nakhu sengivelela ngasekhaya. Engabe umalume unjani ukudinwa?(Ungena endlini afice uThobile ebeka amabhodwe)
Thobile: Hhayi bo! Mzala kade ukuphi sonke lesi sikhathi ngoba phela ubukade uthe uyangilandela? Kodwa ngize ngafika endlini ungabonwa.(Ziyehla izinyembezi kuZinhle)
Zinhle: Thobile, mzala wami, ngiyaxolisa ngalokho. Futhi uyabona okungehlekele namuhlanje ngiyokuxoxela amagwababa echobana dadewethu kababa.
Thobile: Kanti kwenzenjani, mzala? Khuluma nami kwenzakaleni kanti?
Zinhle: Ngifike ngaya kuthisha njengoba ubekade engibizile wa…
Thobile: Wakwenzani, mzala?
Zinhle: Ungibonise umqulu wezincwadi wangi…(Kuthi esathi uyachaza uZinhle okumenzakalele kuvele kungene umalume nomalumekazi wakhe)
MaZungu: Hhayi bo! Kwenzakalani ngomntaka skwiza bo? Zinhle elani leligazi elisesketini sesikole?
Mnguni: Hheyi! Uphumaphi Zinhle? Wena esakho isikole siphuma ntambama kanjena? Zonke izingane sezifikile emakubo ngaphandle kwakho! Awuthi ngilande imvubu yami ngikutalabhe!
Zinhle: Cha bo! Malume besengigoduka kodwa ngabizwa…
Mnguni: Demedi man! Uthule nje manje ngoba usacabanga amanga wena doti!
Thobile: Baba nawe mama ngicela nehliseni imimoya. UZinhle ungene eskhathini.
Mnguni: Noma kunjalo, man! Ulokhu ehleli esikoleni uthi kupheka bani la ekhaya? Ngizosuke ngimsakaze mina manje futhi!
MaZungu: Ayidle izishiyele, Yeyeye. Umntwana angeke akwazi ukuthinta amabhodwe ekulesi simo. Khumbula futhi baba ukuthi uwena owathi awufuni ukuphekelwa umuntu osesikhathini.
Mnguni: Khona kunjalo, nkosikazi. Phela mina ngiyindoda ewuMzulu ngempela, angifani nalezi ziyoyoyo ezidla ukudla ukuphekwe umuntu osesikhathini. Thobile, uwena ke ozobamba izimbiza namuhla!Thobile: Kulungile baba.
Zinhle: Ngicela uxolo kuwe malume nino malumekazi. Angeke ngiphinde ngibuye sekweqe isikhathi.
Mnguni: Akobe uqinisile, mshana, ngoba waphinda uzomthola uphiphinyemfu.
MaZungu: Akunankinga, Zinhle, hamba uyoshintsha izimpahla uziwashe bese thina noThobile sizoqhubeka nokupheka.Ekhishini(UMaZungu noThobile bayahleba)
MaZungu: Thobile kungabe uyambona njena uZinhle ukuthi akekho muhle emoyeni?
Thobile: Yebo kunjalo, Mama. Akamnandanga neze umzala. Kazi yini inkinga yakhe? Noma mhlawumbe wenziwa ukuba sesikhathini? Kodwa angimazi enjena mina uZinhle.
MaZungu: Uboke ukhulume naye phela, ndodakazi. Mhlawumbe wena angakuvulela isifuba ngoba ningontanga.(Zinhle ungena egumbini lakhe lokulala, ashintshe izingubo ebezingcoliswe yigazi bese ehlala phezu kombhede, akhulume yedwa).
Zinhle: Ihhe! Kazi lento eyenziwe nguthisha uMabizela ngizobazisa kanjani la ekhaya ngoba ngiyesaba. Ngiyazi nje ukuthi umalume angangishaya maqede angixoshe kwakhe uma ezwa ukuthi ngidlwenguliwe.(Kudlula ihora uZinhle elokhu ehleli yedwa. Kungena uThobile)
Thobile: Mzala woza siyodla, sekulungile ukudla.
Zinhle: Ngiyeza manje, mzala. Ngisaqoqa mbijana.
Thobile: Uqoqani, mzala, ngoba azikho izingubo eziphezu kombhede njena?
Zinhle: Yebo azikho mzala, kodwa hamba wena uyodla ngizokulandela.
Thobile: Ukahle nje emoyeni mzala?
Zinhle: Yebo ngikahle, mzala. Kungani ubuza?
Thobile: Ukuthi ubuso bakho abuvezi impilo ekahle. Kwenzakalani ngempela ngawe?
Zinhle: Hhayi akulutho, mzala. Asihambe siyodla.
Thobile: Usuwuqalile lomkhuba wakho wokuziba imimbuzo yami bese uyayibalekela futhi.
Zinhle: Mzala akunjalo. Asihambe siyodla mhlawumbe umalume nomalumekazi bame ngathi nje. Bazoze basithethise noma sishaywe. Uyazi ke nawe mzala ngiyazisabela induku mina.
Thobile: Kulungile mzala asihambe. Akusenani yize ungiziba.
Endleleni eya esikoleni
(Izinsizwa ezimbili, uVela nomngani wakhe uThabo, bayaxoxa)
Vela: Ola boy! Cha kusho ukuthi ngiseliwe namhlanje njengoba ngihambisana kanye nawe.
Thabo: Yizo ntwana! Uyabona ke usufuna ukungenza umuntu omubi emphakathini ngalento oyishoyo manje.
Vela: Uyazi nawe ntwana phela wena ungumalume wesgele. Ufika ngo- past bani bani sesisemagumbini okufunda.
Thabo: Akuve ubheda uma uthandile ntwana kodwa kungcono mina ngifika sekudlule iskhathi esgele. Angifani nawe osaba amantombazane.
Vela: Uyabona ke usuyadakwa ke manje ntwana. Phela mina esikoleni ngazela ukuzofunda hhayi izindaba zomjolo namantombazane.
Thabo: Bengidlala ngeqiniso kodwa ntwana nawe uyazi ngoba selokhu ngafika esgele angikaze ngikubone ushela ngoba usaba nale ntombazane ehlala ngasefasteleni. Kambe ubani igama layo ngikhumbuze?
Vela: Oh! Ntwana usho uZinhle?
Thabo: Ngisho yena impela. Buka nje kumanje unede washo igama lakhe wavele waphenduka umoyi-moyi. Ungafunga ukuthi ummese ubona ibhotela.
Vela: Ey! Ntwana phela loya mntwana uyangigeza. Umoya wami uwenza ujabule ngivele ngizibone nje sengimshadile sakha nomuzi.
Thabo: Weeeh! Maye! Ave uthanda ukuphupha emini ntwana yami! Manje uma engaqhamuka ungamtshela lokhu okushoyo?
Vela: Ngingazama ntwana hawu! Phela angifani nawe.
Thabo: Hhayi bo wena! Sekuyimi osaba izintombi manje?
Ekhaya likaThobile
(UZinhle noThobile balungisela ukuphuma baye esikoleni. UZinhle kuyacaca ukuthi usezinhlungwini. Kuqhamuka uMnguni)
Thobile: Asihambe, mzala, sesiyashaya isikhathi manje.
Zinhle: Eish! Hamba mzala ngoba angiboni ukuthi ngizophumelela namhlanje ukuya eskoleni, ngicela ufike ungibike. Ngisafuna ukucambalala kancane ukuze kuzodlula lezi zinhlungu.
Mnguni: Akukwazi ke nje ukuthi ningahamba ningangenzelile itiye nedokwe.
Thobile: Mina sengishaywa isikhathi, Baba, kodwa umzala uthe akayi esikoleni namuhla. Kusho ukuthi uyena oseyolenza itiye.
Mnguni: Njengoba sesinolova la ekhaya kusho ukuthi uMaZungu usazoke aphumule. Zinhle! Kanti alilungi yini itiye lami sengiyoze ngife ukomela itiye bantu!
Zinhle: Liyalunga, malume, bengisabeke amanzi ngilungisa nenkomishi.
Mnguni: Kulungile, sale usubeka nedokwe ukuze ngizoya engadini lingakaphumi naleli langa.
Zinhle: Ungasukumi, malume, nali itiye lakho.
Mnguni: Lize lilunge lelitiye lakho elithatha unyaka nohhafu. Awenze idokwe ke bese ushanela igceke ngoba angazi ubuvila obani kunini nagcina ukulishanela vele.
Zinhle: Umalumekazi yena uzobe esenzani uma evuka?
Mnguni: Uthini!?
Zinhle: Cha bo, bengingasho lutho malume ngizokwenza konke okushoyo.
(Ngempela ukwenza konke uZinhle, bese ecambalala. Kungena uMaZungu esacambalele emini)
MaZungu: Habe! Ngiyalingwa yini? Ngiyavivinywa ngisehlane inkosi impela? Ngivelelwa yini ebhasini ngikhokhile? Ulaleleni emini kangaka kwawakoGxabhashe amagceke? Imihlola yini? Zinhle!
Zinhle: Mhh? Yini?
MaZungu: Uthi ku? Ulaleleni ngempela ngalesi sikhathi? Ufuna ilanga lize lingene emdidi yini?
Zinhle: Cha bo malumekazi ngikhathele. Kade ngisebenza kulokhu kusile.
MaZungu: Uzoze usebenze ilanga lonke nje awuyile ngani esikoleni? Kanti akulona usuku lwesikole namuhla?
Zinhle: Ngiyagula malumekazi ingakho ngingayile esikoleni, futhi noThobile ngimcelile ukuba angibike.
MaZungu: Zinhle, mntanami, kwenzakalani ngawe kulezi zinsuku?
Zinhle: Ngiphathekile malumekazi kodwa ngizochatha ngiphile futhi.
MaZungu: Chatha ngempela mntanami ngoba phela bayaloya abantu bakulendawo futhi kumele sikuse enyangeni.
Zinhle: Cha bo malumekazi kuyobe sekumoshwa imali nje enyangeni ngoba ngizoba umqemane mina kungekudala.
MaZungu: Kungani usho njalo Zinhle?
(Kuthuleke endlini)
MaZungu: Zinhle, ngikhuluma nawe. Kanti uphethwe yini?
(Kuthuleke futhi)
Zinhle: (Ekhuluma ngenhliziyo) Ngimtshele umalumekazi ngento eyenziwa uMabizela noma cha? Kodwa uma ngisho uzovele afune ukususa impi beno malume futhi nomzala uzothi kungani ngifihlele yena ngatshela abazali bakhe. Cha angingamtsheli.
MaZungu: Zinhle!
Zinhle: Yebo malumekazi!
MaZungu: Ngikhuluma nawe! Uphethwe yini?
Zinhle: Ngiseskhathini, malumekazi.
MaZungu: Wena ungena esikhathini amasonto amathathu onke?
Zinhle: khona akujwayelekile kodwa ngike ngafunda ngathola ukuthi kuyenzeka uma kushintsha umzimba womuntu okhulayo.
Egumbini lothisha
(Sekuphele amasonto amathathu uZinhle engalibhadi esikoleni manje. UMabizela ulokhu uyathatha uyabeka ngomqondo. Kugqongqoza MaMkhize uthisha wesifazane othandana noMabizela khona la esikoleni.)
Mabizela: Kazi uZinhle uqondeni njengoba engasezi nje eskoleni ngoba phela manje uzoze angidonsele amehlo abantu ngalesi senzo sakhe. Kazi lengane ihlose ukwenzani ngempela? Hhayi ngeke, kufanele ngiqhamuke neqhinga lokuthi ngiyibone kodwa manje kanjani ngoba kukhona lesgwebedla esingu malume wayo?
MaMkhize: Hhayi bo! Kazi ucabangani kangaka njengoba ngingqongqoze kwaze kwaguga amaqupha nje?
Mabizela: Mmh!?
MaMkhize: Buya endlini yesikole bo! Kanti angisabonakali yini uma ngimi phambi kwakho?
Mabizela: Awukahle Zinhle kufanele sikhulume.
MaMkhize: Zinhle!? Ini? UZinhle wakuphi lowo? Usungibhanqile Mabizela?
Mabizela: Ngicela uxolo, MaMkhize, akuna Zinhle lana. Bengicabanga nje okungatheni kwavele kwashelela ulimi. Ngicabanga ngomzala wami ekade ngikhuluma naye ocingweni. Ayidle izishiyele, MaKhabazela wami. Uyazi ngikuthanda kanjani?
MaMkhize: Hawu ungithanda kanjani usacabanga abanye abantu besifazane ngibe ngikhona?
Mabizela: Hawu, sthandwa sami, ngephuthanyana nje elincane sengingaze ngicasukelwe uwena kodwa awume ngeconsi nesikhwele bo. Woza la ngithi manqa.
MaMkhize: Ngingazi ngani mhlawumbe usungibhanqe nezingane zesikole nje ngoba zilokhu zikuvezela amathanga nje ngezingubo ezimfishane. Phela futhi isikhwele sibonisa uthando njalo ungakhohlwa.
Mabizela: Hheyi! Ungalisho uliphinde lelo mntakwethu uyazi ziyalingana lezi zingane kodwa asiyeke eyezingane sikhulume ngathi sobabili. Manje wenzani namuhla ntambama? Ngifuna sizikhiphe nje sobabili?
MaMkhize: Angenzi lutho, sthandwa sami. Wena isho indawo nesikhathi ngizoqhamuka mina.
Mabizela: Ngizokulanda ngehora lesikhombisa, baby.
MaMkhize: Kulungile. Manje uma sibuya siya kwakho noma kwami?
Mabizela: Ngizokubuyisela kwakho nami ngiye kwami.
MaMkhize: Ohho! Usufuna ukuyolanda labo Zinhle bakho? Uyazi uyinja kabi wena Mabizela.
Mabizela: Bengidlala sthandwa sami. Sizoya kwami, kwazise kade wagcina ukuvakasha, nedlozi like likubone nje unyathela emagcekeni akithi.
MaMkhize: Udlala kabi kodwa. Uyazi phela mina angifune kubangiswa lapha kuwe ngoba ngiyogxoba unondindwa ngempela.
(Kungqonngqoza uthisha uMbatha, angene)
Mbatha: Mabizela ndoda yamadoda
Mabizela: Ngena Shandu mfowethu.
Mbatha: Kwangathi ngifike ngesikhathi esibi nje nsizwa enye? Awuthi ngizobuye ngivele kuwe.
MaMkhize: Awuthi ngihambe ngizonibona ke. Mabizela ungakhohlwa ngiyacela.
Mabizela: Khululeka Shandu ubekade esephuma vele uMaMkhize. Kulungile wena MaKhabazela angeke ngilibale. Uhambe kahle.
Mbatha: Mabizela mfowethu nami awuke ungichathazele lomuthi owudlayo noma ungiphe izinombolo zika gogo omhambayo ngoba kuyabonakala futhi kucace bha ukuthi uyayenza into yakho.
Mabizela: Izwake uShandu edlala ngami nelanga lishisa kangaka.
Mbatha: Ngiqinisile bafo. Phela wena ungumagoqa la esikoleni. Njengoba usujola noMaMkhize nje ngiyakuvuma. Uyibhoza nkabi yami!
Mabizela: Akuve uthanda ukungibhuqa njalo mfowami. Sengiyakwazi uthanda kabi ukugconana!
Mbatha: Awusho, wagcina uyitholile yini leya ngane owawuyifuna nkabi? Kambe ubani igama layo awungikhumbuze?
Mabizela: Yiphi yona? Usho uZinhle?
Mbatha: Yena impela mfowami. Wamthola yini?
Mabizela: Kanti ngingubani mina? Phela angilali endleleni, ngiyinsizwa angisona isishimane.
Mbatha: Ngiyakuvuma mina bafo. Manje sewake wayigoba yini intambo njengoba usuchoma kangaka? Mhlawumbe ikushaya isandla nje?
Mabizela: Ngiyakutshela nje bafo. Ngibuya khona kwandawo ngizoze ngishaywe isandla ngiyimpatha yini mina?
Mbatha: Ngiyakuzwa mngani wami. Uyazi angisayiboni egcekeni lesikole, nasegumbini lokufundela ayisezi. Awusho wayishonisaphi ingane yabantu?
Mabizela: Ukukutshela iqiniso nje mfowami angiyazi. Sekudlule amasonto amathathu impela ngingayiboni.
Mbatha: Kanti nijola kanjani ekubeni ningabonani mnganami? Yini ngingayikholwa nje lendaba yakho?
Mabizela: Nami angeke ngikutshele. Angazi ukuthi kwenzekani. Futhi empeleni iyangikhathaza lento. Manje kulukhuni ukuthi ngiyoyibheka kubo. Ngiphithene ikhanda nje.
Mabizela: eyi webafo kunezinkinganyana nje ezingatheni kodwa zizondlula maduze bese kubuyelwa esimeni.
Mbatha: (elalelisisa Kahle) Kanti yizinkinga ezikanjani lezo bafo phela injobo ithungelwa ebandla.
Mabizela: ngizokutshela ngelinye ilanga bafo ngoba okwamanje kusasinda.
Mbatha: yini esindayo Mabizela khuluma Wethu ungazikhungi sikhona sizinsizwa mhlampe songakusiza.
Mabizela: (ephefumulela phezulu) mthiya mfowakithi kulena ngeke wakhona ukungisiza ngoba ifuna mina uqobo.
Mbatha: khumbula phela Mabizela ndoda ukuthi okuhlula amadoda kuyabikwa, Manje uthi ngizokusiza kanjani ekubeni Wena ungangitsheli inkinga yakho?
Mabizela: ayi Mthiya kangikakulungeli ukukhuluma ngalento mhlampe ekuhambeni kwesikhathi ngizobe sengilibhoboza ithumba ukuze uzokhona nawe ukungisiza bafo.
Mbatha: kulungile mfowami Uma kusho Wena kanjalo. Mina sengiyozwa ngawe mhla usukulungele ukukhuluma. Kodwa phela nawe mngani wami yithi ukwehlisa izinga phela esimameni buka Manje usubhocobele kanjani bakwenza ufufuthelwe.
Mabizela: sengizozama bafo ngoba impela Uma ngingaphika nabo ngiyogcina ngizikhunga ngiyabona (bahleke bobabili).(Asukume uMbatha)
Mbatha: (ephushe isitulo) ayike mfowami awuthi ngihambe nami ngiye kulezingane zesikole ezihluphayo kungaze kuqhamuke leli qhalaqhala elingu thishanhloko.(Ebephuma uMbatha, asale yedwa uMabizela acabange iqhinga ekhulume yedwa)
Mabizela: (ekhuluma yedwa) uyabona mfoka Mabizela angeke uhlulwe yinto engakhulumi icebo Lona kwamele ube ulenzile lokuthola ukuxhumana no Zinhle ngokushesha. Awuthi ngibone , yazi kambe kunomzala ka Zinhle ofunda Lana esikoleni. Kumele ngike ngizame ukuthola ulwazi ngaye.(uMaMkhize uhlezi egumbini nabafundi bakhe, ubheka ibhuku elinamagama abafundi)
MaMkhize: (ekhuluma ngokomcabango) “uyabona sekuyisikhathi okumele ngithole ngaso Lo Zinhle obekade elokhu eshiwo ngu Mabizela ngenkathi ngisehhovisi lakhe futhi ake ngibize lamagama alezingane ngokulandelana kwazo ukuze kuzobalula ukumthola Lo Zinhle”(Asukume akhulume nabafundi bakhe)
MaMkhize: bantwana bami namuhla ngifuna ukubona abangekho Lana egumbini lokufunda ngakhoke ngizobiza igama lomuntu, Uma ekhona asho ngizobhala Lana kuleli bhuku.
Abafundi: sikulalele miss.
MaMkhize: kulungile ke sengiyaqala… Ayanda Zungu?
Abafundi: (bememeza) ukhona miss!
MaMkhize: Thobile Mnguni?
Thobile: ngikhona miss.(uMaMkhize ababize aze afike kwelika Zinhle)
MaMkhize: Zinhle Khumalo?
Abafundi: (ngokuchwensa) awu! Loyo sewadayisa amachopha emholweni wezalukazi (bahleke bese uThobile eyathukuthela)
Thobile: (ngokuthukuthela) yeyi Nina ningazojwayela kabi umzala wami! Nike nambona eya emholweni eyodayisa amachopha? Ningazoqina nje.
Ayanda: batshele Wena Thobile ngoba baphaphela umngani wami nje laba bayanyanyisa nje.
MaMkhize: Thobile ngicela ukukubona ehhovisi manje ngicela ungilandele(Nangempela asukume amlandele uThobile)(Bangene ehhovisi bahlale phansi)
MaMkhize: Thobile Ake ungitshele kwenzenjani ngo Zinhle ngoba phela sekuyophela inyanga yonke engalibhadi emagcekeni esikole?
Thobile: miss uZinhle uyagula yingakho nje engasezi nasesikoleni ayi kubi impela.
MaMkhize: kwaze kwakubi ukuzwa lokho mhlampe kusamele ngike ngihambe nawe ngiyombona yazi, senike namusa nje emtholampilo nje njengoba egula?
Thobile: cha besingakamusi kodwa ngizofike ngitshele abazali kuyobe sekuba yibonake abamhambisayo.
MaMkhize: kulungile ngicela ungalibali ufike ubatshele nje namhlanje bese mina sengiyozwa ngawe ukuthi batheni.
Thobile: ngizokwenza njalo miss.
MaMkhize: usungakhululeka ubuyele egumbini kwezinye izingane.(Asukume aye egumbini lokufundela athi efika nje ebe ebizwa u Ayanda okungumngani omkhulu ka Zinhle)
Ayanda: uxolo kancane Thobile.
Thobile: Yebo Ayanda (ehlale eduze kwakhe)
Ayanda: aybo uphi umngani wami sesiside lesikhathi ngingamboni ngilokhu ngithi ngizokubuza.
Thobile: uyagula umzala Ayanda kulokhu nje abizwa uthisha uMabizela ngaloluya suku akaphindanga waba muhle emoyeni.
Ayanda: cha kuyethusa ke lokho okushoyo kungabe kukhona yini uthisha uMabizela amenza kona ngaloluya suku Uma Esho yena umngani?
Thobile: Chabo akakhulumi lutho Uma ngiqala nje ngimbuza uvele aphendule ngezinyembezi mhlampe kungancono Uma Wena ungake ufike uzokhuluma naye kungenzeka akutshele Wena ukuthi kwenzakalani.
Ayanda: Kanti uthi uphethwe yini Kahle Kahle umnge?
Thobile: uvesane athi usendaweni yakhe kusukela ngalolo suku nje ulokhu ekuyona mina kangisazi ngampela ukuthi yini ngomzala yazi.
Ayanda: kuzomele ngike ngiqhamuke kuyena ngomgqibelo ngizombona kodwa ngiyamsaba ubabakho yazi ngabe Kade ngeza nje.
Thobile: kanti ke ungazise ngolwesihlanu ukuthi uzofika ngasikhathi sini ngomgqibelo ukuze ngizohlezi ngikuqaphelile ukuze angeke abe nankinga ubaba.
Ayanda: ngizokwazisa nakanjani ngoba phela ngikhathazekile ngaye umngani. Ngicela ungikhonzele kuyena Uma ufika.
Thobile: khululeka ntombo ngizojukhonzela kuyena.
Ayanda: ngiyothokoza Uma ungangenzela njalo Sisi, ake ngithathe izincwadi zami nakhu sekuphuma isikole.(Asukume nangempela u Ayanda siphume isikole bese u Vela beno Thabo bahambisane no Thobile sekuyiwa emakhaya)
Thabo: eyi Vela mfethu nangu lomshana wako Zinhle asisheshe siyohambisana naye mhlampe engakufakela umzala wakhe nje nawe uke ube nentombi ngoba sekuyisono bantu.
Vela: uyabheda mfanami yezwa ubani okutshele ukuthi mina kanginayo Intombi?
Thabo: akekho ongitshelile ngoba ngiyakwazi ntwana yami selokhu wazalwa nje awukaze waba nentombi buka nje manje usuyoze uqhume nentshebe , ayi kumnyama kakhulu kuwena mfana. (Emhleke)
Vela: yazi yini mfanami asambe ngoba sewuqala ukudakwa manje nalengane iyahamba kayimile ngoba Wena ulokhu ubawuza nje lana.
Thabo: hawu! Usuyathukuthela njalo nja Yami ngibe ngikudlalisa awukahle Kanti Wena sewudlaliswa ngemali yini njengomshini wezingoma?
Vela: lutho mfana ukuthi nje Wena kwesinye isikhathi unokukhuluma ngathi wehla emthini nje ungacabangi ukuthi inkulumo yakho ifika kanjani komunye umuntu uyabo? Kodwa ke asambe mngani wami, manje uwena angithi ozofike ukhulume nalengane laphana?
Thabo: khululeka mfana uyazi nawe ukuthi ngibizelwe kulento nje.(Bahambe nangempela basheshise bafike ngaku Thobile)
Thabo: dudlu ntokazi!
Thobile: aybo uqhamukaphi umuntu osasho lawo magama esikhathini samanje? (Ahleke nje abheke phansi)
Thabo: ngikhona nje mina nanke ngiyawasho, manje usho ukuthi mina ngisaphila isidala nje
Thobile: kushuthi usaphila Sona isidala ngoba ngiyathemba ukukhuluma nomuntu wesfazane kanjalo kwagcina ngezinkathi zabo baba, ayi nina.
Vela: kodwa impilo yakudala yayimnandi ngoba zonke izinto zazenzeka ngoko mthetho.
Thobile: (ahleke) ayibo washo ngathi wawukhona nje ngalezo zinkathi bhuti?
Vela: Chabo ngangingekho kodwa nginokuzwa nje Uma abantu abadala bengitshela ngezinkathi zakudala ukuthi kwakuphilwa kanjani.
Thabo: Kona ngiyakuvumela mina bafo ngoba ngathi kwakumnandi impela kudala yize abantu abadala babesivulela isibhaxu enganeni.
Thobile: yeyi nasho ngathi niyamazi ubaba wami ayi uyasivulela isibhaxu loya mphefumulo futhi wenza isiqiniseko sokuthi uyakuqondisa njengothi lomkhonto.
Thabo: ha! Kanti ubabakho uyashayana? Ayi ngeke bengithi ngizokweshela manje ngisaba ubabakho ukuthi uzongibamba ngensuku Uma engibona ngihamba nawe. (Esho ngohleko sakuncokola)
Thobile: (ehleka) ungalinge nje futhi uze uzame yazi ngoba ngingafike ngimutshele ukuthi kunomfana ongihluphayo ihhe! Bese eza esikoleni azokushayela khona.
Vela: (emhleke) awucabange nje Thabo nja yami usugijinyiswa phambi kwezingane zesikole nabothisha.
Thabo: yeyi! Wendoda mina wonke? Ngingavele ngisiyekele nesikole mfana ngoba phela ngingaba yinhlekisa unyaka wonke esgele nawe uyazi mfethu.(bahleke babhekane bese emkhomba ngomunwe ahlebe) ayeye ntwana yami, uwena osazogijinyiswa ngesibhaxu Ku Zinhle.
Thobile: aybo! Niyahleba ningabafana abanjani Kanti? Cha ngiyakuqala ke lokhu nihleba njengabafazi!
Thabo: Chabo ntokazi bengibonisa ubafo into beyenzeka ngale esgangeni nje ayi ngoba besihleba futhi ukube ngikubonisile nawe ubuzokwethuka.
Thobile: awu! Usho nje?
Vela: Yebo ubafo uqinisile ubuzophatheka kabuhlungu kodwa ke asendluleni lapho bafethu, Thabo mfethu singahamba nomuntu isikhathi eside kanjena singasamazanga negama? Ayi ntokazi mina ngingu Vela bese ubafo wami Lona ngu Thabo. Manje Wena kungabe bakubiza ngobani?
Thobile: ngiyathokoza ukun**i bobhuti mina ngingu Thobile Mnguni ngokuhlala, ngihlala ngale ngaphesheya komfula. Kungabe nina nihlalaphi?
Vela: Yebo ubafo uqinisile ubuzophatheka kabuhlungu kodwa ke asendluleni lapho bafethu, Thabo mfethu singahamba nomuntu isikhathi eside kanjena singasamazanga negama? Ayi ntokazi mina ngingu Vela bese ubafo wami Lona ngu Thabo. Manje Wena kungabe bakubiza ngobani?
Thobile: ngiyathokoza ukun**i bobhuti mina ngingu Thobile Mnguni ngokuhlala, ngihlala ngale ngaphesheya komfula. Kungabe nina nihlalaphi?
Thabo: thina Thobile sihlala kuleya mizi evela kancane ngasezihlahleni, yikho nje ukuthi sesithi khumu khona kulendlela.
Thobile: ayi nihambe Kahle bafowethu.
Thabo: nawe uhambe Kahle MaGxabhashe bekuyintokozo kuthina ukuhamba nawe siyathemba isazobonana futhi.
Thobile: sekungu Mdali owaziyo ukuthi isayophinde ibonane yini.
Vela: cha phela kungabe sekuyibhadi ukuthi umuntu omuhle njengawe angasabonakali futhi.
Thobile: akenizweni uVela edlala ngami bakithi emini bebade.
Vela: ngampela yazi Thobile kodwa ke uhambe Kahle futhi ngicela ungibulisela kumntwana wakini.
Thobile: aybo! Wena umazelaphi ke umzala wami?
Vela: cha kangimazi kodwa isifiso sami ukumazi Kahle ngoba benginokumbona esikoleni Kube ukuthi ngimbonela kude.
Thobile: ayi kulungile ngiyofike ngikubingelelele kuye , nihambeni Kahle ke.
Vela: Yebo ubafo uqinisile ubuzophatheka kabuhlungu kodwa ke asendluleni lapho bafethu, Thabo mfethu singahamba nomuntu isikhathi eside kanjena singasamazanga negama? Ayi ntokazi mina ngingu Vela bese ubafo wami Lona ngu Thabo. Manje Wena kungabe bakubiza ngobani?
Thobile: ngiyathokoza ukun**i bobhuti mina ngingu Thobile Mnguni ngokuhlala, ngihlala ngale ngaphesheya komfula. Kungabe nina nihlalaphi?
Thabo: thina Thobile sihlala kuleya mizi evela kancane ngasezihlahleni, yikho nje ukuthi sesithi khumu khona kulendlela.
Thobile: ayi nihambe Kahle bafowethu.
Thabo: nawe uhambe Kahle MaGxabhashe bekuyintokozo kuthina ukuhamba nawe siyathemba isazobonana futhi.
Thobile: sekungu Mdali owaziyo ukuthi isayophinde ibonane yini.
Vela: cha phela kungabe sekuyibhadi ukuthi umuntu omuhle njengawe angasabonakali futhi.
Thobile: akenizweni uVela edlala ngami bakithi emini bebade.
Vela: ngampela yazi Thobile kodwa ke uhambe Kahle futhi ngicela ungibulisela kumntwana wakini.
Thobile: aybo! Wena umazelaphi ke umzala wami?
Vela: cha kangimazi kodwa isifiso sami ukumazi Kahle ngoba benginokumbona esikoleni Kube ukuthi ngimbonela kude.
Thobile: ayi kulungile ngiyofike ngikubingelelele kuye , nihambeni Kahle ke.(Bahlukane ngezindlela ahambe yedwa uThobile)
Thabo: ayi ntwana yami ngathi liya ngokwehla igwababa kuwena Uma sewukwazi ukukhuluma nentombazane kanjena (amhleke)
Vela: yey webafo bekuzenzekela nje okushoyo ke ukuthi Ku Zinhle ngiyobe ngeshelelela njenge Rama emafutheni.
Thabo: awu! Wena ubuzama ukukhululeka njengoba bekukhona mina Kanti ukubane bengingekho ubuzobanjwa amalimu ize ihambe ingane.
Vela: yini kodwa ngawe mfethu awuzwani nokuncoma Wena uhlezi ugxeka nje njalo ayi Mani yeka lomkhuba wakho. (Ethukuthela)
Thabo: usuyaduba njalo nja yami ngikudlalisa?
Vela: awungiyeke Thabo, ngiye kithi nawe hamba kini (edube ehambe yedwa phambili)
Thabo: awu kodwa nja yami ungayenzi lento mfethu sihamba sonke nje!
Vela: besihamba sonke kodwa manje ngihamba ngedwa nawe ke hamba wedwa.(Bahambe ngokweshiyana baze bayofika emakhaya. Asikho isikhathi esingafiki nelanga elingafiki, uMabizela no MaMkhize sebeyolandana beyodla ngaphandle njengamagama enkehli)
Mabizela: (ekhuluma ocingweni) mntakwethu sengisendleleni eza kuwe manje ngicela ube ulunga ngizobe sengikutshela Uma sengiseduze.
MaMkhize: (ocingweni) kulungile sthandwa sami ngiyalunga khululeka ngizobe ngiqedile Uma ufika Lana.(Nangempela aphinde amshayele ucingo futhi uMabizela Uma eseseduze nalapho kuhlala khona uMaMkhize)
Mabizela: (ekhuluma ocingweni) sengingaphandle Wena kaMavovo ngilinde Wena.
MaMkhize: (ocingweni) kodwa ngabe uyangena nje muntu wami yazi ngoba phela uyazi ngihlala ngedwa usabani?
Mabizela: (ocingweni) kulungile sengiyangena ke.(Adilike emotweni ayongena endlini)
Mabizela: (engena emnyango) phuma sihambe sesishayile isikhathi.
MaMkhize: sengiyaqeda sthandwa ngilinde kancane.
Mabizela: hawu! Usafuna ukulindwa futhi Kanti bewenzani sonke lesikhathi?
MaMkhize: (ememeza es**a ekamelweni) bengisacinga izimpahla engizozigqoka nje!
Mabizela: Kanti awunazo yini izimpahla Ku wardrobe yakho?
MaMkhize: zikhona kodwa bengifuna ezizohambisana nobusuku banamhlanje.
Mabizela: Kanti yazi ukube uvele wagqoka noma ngabe iziphi ngoba phela uhamba nami.
MaMkhize: ayi sthandwa abantu bazothini nje usuqhamuka nomuntu ongagqokile Kahle?
Mabizela: abantu baphi? Ngoba yimina ozobe ekubuka ayibona nje. Kanti abafazi banjani? We MaMkhize Kanti wabanjani?
MaMkhize: sengiyaqeda bekezela kancane imizuzu emibili ngizobe ngiqedile.
Mabizela: kulungile ngizoma lowo mzuzu kodwa wandlula ngiyahamba mina.
MaMkhize: hawu! Inhliziyo encane ngeyani kodwa sthandwa?
Mabizela: akunanhliziyo encane lana uwena nje ufunana nezingubo ekubeni unezingubo inqwaba.(Alinde ngempela uMabizela iphele imizuzu emibili kuze kuphele engamashumi amabili elokhu elindile. Ekugcineni aphume uMaMkhize)
MaMkhize: ncese ukukulindisa sthandwa sami kodwa sengiqedile manje.
Mabizela: ok! Asambe ke!
MaMkhize: hawu! Usungithukuthelele njalo Mabizela?
Mabizela: (ngokucas**a) Kanti Wena ufuna ngijabule yini ngokwenzile?
MaMkhize: (ngokuzithoba) awu! Kodwa baba Uma sewungiphendula kabi kangaka? Kangishongo nami ukuthi kumele ujabule.
Mabizela: kulungile ke, asambe siye emotweni njengoba kumele ngijabulele lento yakho. Yazi Wena ungenza inja ka mesisi stru nasi.(Bahambe bayongena emotweni, bashaye izule bebheke endaweni yokucima ukoma epholile. Akukhulunyiswana emotweni Wena owabona ingane ithenjiswe uswazi Uma ike yathi nkente. Bafike lapho babeya khona bahlale phansi etafuleni)
Mabizela: eshi! Kanti baphi abantu abasizanayo lana kunini sifikile?
MaMkhize: njengoba sifika manje kodwa Kahle ihaba kangaka bazoza bazosinaka.
Mabizela: ayi! Ok!(Kuthi ukuthuleka isikhathi eside bese kuqhamuka umsebenzi wakulendawo)
Lunga: sanibonani, ngisacela ukunisiza.
Mabizela: usibona sithwele amabhece yini? Kunini sifikile lana Nina nilokhu ninwabuluka nje.
Lunga: uxolo mnumzane kodwa besisematasa ngabanye abafike kuqala.
Mabizela: kushuthi kuzomele baqashe abanye abantu ke nithi ukwanda. Ayi ukuthi kwamele silokhu silindile Lana.
Lunga: ngiyaxolisa ngempela mnumzane, angeke lisenzeka iphutha elifana naleli.
MaMkhize: kulungile bhuti, mina bengicela ungiphe amanzi okwamanje.
Lunga: (ebhale epheshaneni) ayeza manje amanzi akho Miss, ngingakutholelani Wena mnumzane?
Mabizela: awungiphe ingilazi ka gologo mfana ngithi ukwehlisa lelukuluku enginalo.
Lunga: kuyeza njengamanje (ahambe)
MaMkhize: sthandwa sami.
Mabizela: mmmmh!
MaMkhize: (ngokuzithoba) ngiyaxolisa ukukulindisa isikhathi eside ngiyabona ukuthi kukucasulile ngampela.
Mabizela: Kanti ke angicasukile ngikahle njena.
MaMkhize: ayidle izishiyele sthandwa sami, lobu busuku akube ubusuku bethu sizijabulise singalwi ngiyakucela.
Mabizela: nami kangilwi kodwa bese ngimane ngisho nje.
MaMkhize: (asukume aye ngaku Mabizela amuqabule) ngiyakuthanda Mabizela wami ngedwa.
Mabizela: (ngokuthuka) hayibo! Wenzani phambi kwabantu?
MaMkhize: siyathandana angithi? Ngakhoke abantu bazojwayela ngoba uyabona nabo bahleli nabantu babo.
Mabizela: (ekhuluma ngenhliziyo) “ukube uyazi ukuthi mina ngizifunela uZinhle, Wena uyisibambiso nje kuze kulunge kuye”
MaMkhize: Mabizela!
Mabizela: (ngokwethuka) yebo! Uxolo ingqondo yami ibisahambile.
MaMkhize: ihanjiswa yini ke ingqondo yakho?
Mabizela: ibihanjiswe ilokuqatshulwa engikade ngakugcina, yazi bese ngifunga kona nje
MaMkhize: (ngokumamatheka) awu! Mabizela, uyabona ke usuqalile ngalezinto zakho. (Emubambe isandla)
(Kuqhamuke uLunga futhi eselethe iziphuzo zika Mabizela no MaMkhize)
Lunga: n**i iziphuzo bantu abadala.
Mabizela: (ngokumamatheka) kulungile mfana wami siyabonga.
Lunga: kuyathokozisa ukukubona usumamatheka mnumzane, futhi nathi siyabonga ukusibekezelela.
Mabizela: (esho ngikudlala) yey! Wena mfana ngizokufaka isagila sami hamba lana ngingakakugqemi ingozi engeqiwa ntwala ekhanda. (Bahleke nje ahambe uLunga)
MaMkhize: ayi, uyabonake sekabuyile ke manje uMabizela wami.
Mabizela: uyazi njena baby ukuthi ngingowakho sengingakuthukuthelelani isikhathi eside kodwa? Ukuthi nawe ubunginyanyisile yazi.
MaMkhize: ngixolisile nje sthandwa sami.
Mabizela: Yebo kunjalo kodwa Kade sengisho nje nami ukuze ngizobhodla uyabona?
MaMkhize: ngiyakuzwa futhi ngiyavumelana nawe Mabizela.
Mabizela: (eqalaza) ayibo Kanti uphi lomfana? Lunga! Lunga! Uxolo kancane ngapha mfana wami.
Lunga: (ngokuphuthuma) yebo mnumzane sengifikile, ngingakutholelani ngaleskhathi?
Mabizela: awusiphe ukudla okuphambili mfana newayini eledule ngike ngijabulise unyoko mncane mfana.
Lunga: kulungile mnumzane kuyeza njengamanje. (Ebe ehamba eyokulanda)
Mabizela: manje ke mntakwethu sigcine siphume naliphi ekutheni kuyiwaphi Uma sis**a lana?
MaMkhize: savumelana ngokuthi sizoya kwami noma kwakho sobabili.
Mabizela: ayi kulungile sizoya kwami ke ukuze kuzojabula nedlozi.(Abuye uLunga nokudla, abanike badle baqede baye kwa Mabizela ngezithuba zehora lesishiyagalolunye ebusuku futhi sebedle namanzi amponywana bafike bangene baziphonse embhedeni kuthi sikhashana nje kukhale ucingo luka Mabizela)
Mabizela: kuka Mabizela asithandwa muntu!
Mbatha: anithandwa muntu nina nenzeni?
Mabizela: ayi man! Bafo bengithi ilabantu abahluphayo bezimakethe komakhalekhukhwini, ngingakusiza ngani Mthiya?
Mbatha: ayi, Wena Mabizela bengikubheka nje nkabi yami ukuthi usekahle yini ngoba phela emini ubungekho esimeni esikahle.
Mabizela: ngikahle kakhulu Mthiya, uyazi nawe indoda Uma ineqhawekazi eceleni kwayo isuke iphelele.
Mbatha: impela nkabi yami. Manje iliphi kulawa amabili engiwaziyo?
Mabizela: asiyixoxe kusasa leyo Mthiya.(Ephaphame uMaMkhize ngemuva nje kokuqeda kubeka ucingo lwakhe phansi)
MaMkhize: ubani Lona bewukhuluma naye?
Mabizela: bekungu Mbatha loyana.
MaMkhize: unamanga Mabizela ngoba mhlampe bekungu Lo Zinhle wakho olokhu ukhuluma ngaye kulezinsuku, ohlezi esolwimini lwakho.
Mabizela: chabo akuna Zinhle Lana futhi sengingakhuluma nomunye umuntu wesfazane ekubeni ukhona Wena Kanti ungithatha kanjani vele?
MaMkhize: ngikuthatha kanjani ngani? Ngoba phela mina bengibuza nje bengingafuni impi.
Mabizela: nami kangishongo ukuthi kukhona ofuna impi kodwa Indlela obukade ubuza ngayo Wena bekuyiyona impi.
MaMkhize: kahle, Kahle Mabizela awungitshele uyini nalo Zinhle ndini olokhu esolwimini lwakho kulensuku?
Mabizela: kangiyilutho no Zinhle mina ngaphandle kokuba nguthisha yena abe ngumfundi nje kuphela.
MaMkhize: ayi cha sesiyoyicela ivuthiwe kuwena nezingane zesikole inkosi impela.
Mabizela: (ngokucas**a) nize niyicele ivuthiwe nje.. niyobe ningene ngani kuyona futhi iyobe ibaselwe ngubani ukuze ivuthwe nje?
MaMkhize: (ngokukhala) Mabizela ungenwe yini nje impela?.. ulokhu uthanda ukungizwisa ubuhlungu nje njalo Uma ngizama ukukhuluma nawe. Uyangimangaza ngoba ngihlezi njalo ngikhona Uma ungidinga futhi ngiba yilento oyifunayo, nofuna ngibe yiyona kungani ungenza kanjena Mabizela?
Mabizela: (ngokucas**a) ayi s**a man! Nguwena angithi ohlezi ungiqulisa amacala ngabantu engingenabudlelwano nabo. (Balale ngokufulathelane kwazise badubene)(Kuse busuku uZinhle beno Thobile bayakhuluma elawini labo lokulala)
Thobile: mzala wami ukahle kodwa emoyeni?
Zinhle: yebo mzala, kungani ubuza?
Thobile: ngibuziswa ukuthi sikhathazekile ngawe mzala futhi uyasala nasezifundweni esikoleni.
Zinhle: nikhathazekile ninobani mzala? Wabe sewuyangidida manje?
Thobile: sinabo Ayanda kanye nabothisha, kumele ubuyele esikoleni mzala ngiyakucela.
Zinhle: ngizobuyela Uma sengiluleme mzala wami Kona ngiyabona ziyangishiya izifundo kodwa manje ngizobabhekelwa ubani abanye abafundi nabothisha njengoba sengingayile esikoleni izinsuku ezingaka njena.
Thobile: khululeka ngabo mzala ungabanaki ngoba ngithi Wena uzobe wazi ukuthi ufunani futhi kangeke bakusize ngalutho empilweni Uma ungalokhu unakana nabo mzala.
Zinhle: Kona uqinisile lapho mzala yazi, kusasa kuzomele ngiwashe izimpahla zesikole nje ukuze ngolwesine ngizovukela khona.
Thobile: ayangithokozisa lamazwi owashoyo yazi mzala wami … Kushuthi ngizobe sengazisa no Ayanda ukuthi angabe eseza ngapha ngoba ubekade ethi uzoza ezokubona ngomgqibelo.
Zinhle: (ngokuthokoza) umngani wami bakithi! Ave ngimkhumbule. Kodwa mzala noma ungamtshelanga ukuze sokhuluma mina naye silayikhaya ngoba esikoleni ngeke sibe naso isikhathi.
Thobile: Kazi nixoxa ziphi mzala?(ngokuhleka)
Zinhle: (Ngohleko) singaxoxani mzala ngaphandle kokusihlanyela kwethu nawe uyazi ukuthi Uma sihlangene nomngani wami sigula kuphela.
Thobile: buye Nina nobabili mzala kuvele kube ngathi neqe ezinhlanyeni ngampela futhi, kakhulukazi Uma senizobanga umsindo nivele ningenze ngifise ngathi ungangigwinya umhlaba (bahleke).
Zinhle: phela mzala zisuke sezivukile izilwane zethu buye ziyazwana. Sigula ngokufana nomngani nje.
Thobile: kodwa Uma sesikhuluma amaqiniso mzala ngiyakukhumbula nawe esikoleni ngoba sengiba yisono nje noma sesiphuma isikole ngihamba ngedwa.
Zinhle: ayi ihaba mzala ingani baningi nje Abantu abahamba endleleni eza ngapha ngakithi.
Thobile: yize bekhona mzala kodwa mina ngijabula Uma nginawe.
Zinhle: mzala usho ukuthi akusekho nomfanyana okucela nihambisane nje? (Bahleke).
Thobile: ayi mzala ungayiphathi leyo yazi namhlanje kukhona abafana ababili Kade ngihambisana nabo bengikhulumela imbudane nje nabo.
Zinhle: ayi cha uyisikhokho mzala ulandwa ababili? (Ahleke) kushuthi unesithunzi Uma unjalo.
Thobile: ngivele ngabasabisa ngobaba ukuthi uyashayana mzala bavele baswaba. Kodwa Lona omunye uthe angimkhonzela kuwena yazi?
Zinhle: (ngokuthuka) ayibo mzala! Ubani loyo ngoba mina angimazi?
Thobile: khululeka mzala, muhle yena uthe ungu Vela igama kodwa uyafisa ukukubona.
Zinhle: kushuthi umuntu usenama “secret admirer” engazi nje (bahleke)
Thobile: okusho lokho mzala kodwa cha bona bahle ngiyakutshela ngoba Lona omunye uthe ngabe uyangishela kodwa usaba ukuthi ubaba uyashayana, ayi cha ubaba komele ayeke ukuba nolaka naye manje uzosibalekisela amasoka.
Zinhle: weeeh mzala khohlwa ukuthi umalume uyoke alwehlise ulaka ngoba phela leyo yinto azalwa nayo futhi angeke umshintshe kuyona.
Thobile: yiqiniso mzala ngize ngifise ukube sakhulela kamakhelwane lapho izingane zakhona ziziphilela impilo emnandi.
Zinhle: ungayisho leyo mzala, kodwa asethembe ukuthi ngelinye lamalanga uyoshintsha Uma esebona ukuthi sikhulile.
Thobile: kazi kuyobe kuyinini lapho mzala ngifisa ukwazi. Ake ngilale mzala kusile kusasa.
Zinhle: ulale Kahle mzala.
Thobile: nawe ulale Kahle mzala futhi ungakhohlwa ke kusasa ukuwasha bese ngolwesine siya esikoleni. Ngiyakucela.
Zinhle: khululeka mzala ngeke ngikhohlwe.(Balale kuse ekuseni bathi ukuxoxa xoxa mbijana uZinhle beno Thobile)
Zinhle: Kanti sekusile? Mzala isikhathi sini manje?
Thobile: sesihambile isikhathi mzala sekuyoshaya insimbi yesikhombisa cabanga ngisaselana.
Zinhle: phuthuma bo mzala bengaze bakubambe ngoswazi.
Thobile: yazi ngaphambi kokuthi ngikhohlwe mzala, lomama wakwa Mkhize uthe kumele uke uye emtholampilo mayelana nalokugula kwakho.
Zinhle: bengingayicabangi ke leyo mzala yazi eyokuya khona, kodwa kushuthi sekuyomele ngiphikelele khona namhlanje Uma ngiqeda ukuwasha kodwa ngiyesaba mzala.
Thobile: hamba mzala angeke wenzeke lutho bazokwelapha kungenzeka nje uthole ukuthi yinto nje encane ekuphethe ezolapheka masinya futhi.
Zinhle: kulungile mzala ngizovuka ngiwashe bese ngiyakhona emtholampilo.
Thobile: usale Kahle mzala sengihambile mina, sengiyozwa ngawe ntambama ukuthi uhambe kanjani emtholampilo.(Aphume nangempela uThobile. Asale elungisela ukuvuka no Zinhle elawini abalala kulona. Ngapha sithola uVela ume phambi kwesibuko ukhuluma yedwa)
Vela: (ekhuluma yedwa) "uyabona ngizothi Uma ngihlangana nalengane yako Thobile. Komele ngifike kuyona sengiziqeqeshe Kahle namazwi ami ezwakala ngoba phela iyashisa leya ngane, yingelosi uqobo lwayo."(Asondele esibukweni azibuke kusona athathe isikhwama sezincwadi zesikole asigaxe ehlombe bese ekhuluma futhi)
Vela: (ekhuluma yedwa) "ngizofika kulengane ngiyibize bese ngiyibuza igama layo Kube ngathi kangilazi (abambe isilevu sakumangala) yeyi yeka sengibanjwa ngamalimi ngoba phela kulokhu ngazalwa ngizobe ngiqala ukweshela, yendoda Vela ungabhayizi ke ngiyakucela (azishaye esihlathini ngempama) qaqeka ndoda kumele kuphele iviki elilodwa usuyishelile lentombazane mhla yabuya."(Aphume ahambe aye esikolweni. Kuvuke uMnguni no MaZungu bekhulume ekamelweni labo)
Mnguni: wenkosikazi.
MaZungu: yebo baba!
Mnguni: awuke ungitshele Kahle sekukhona into engididayo lana.
MaZungu: udidwa yini manje Mncwabe wami bakithi? Ngoba ngithi ibhodwe lisavalwe yisidikiselo salo njena kasika galakadeli phakathi. (Ngokuncokola)
Mnguni: (ngokunyusa umoya) uyabona ke ukuphapha lokhu ongizela ngakho, mina ngithe ngididekile manje lokhu Wena osukhuluma ngakho kungenaphi kulento engididayo? Yazi usuvele ungigijimele phambili njengomchamo wase kuseni nje yini? Uphuphe oyihlomkhulu na? Ayi mani uyanginyanyisa ngalento oyishoyo (anxaphe), futhi yekela.
MaZungu: ayidle izishiyele baba bengimane ngizincokolela nkosi yami ngase sengidliwa ngiphila nje kwenzenjani?
Mnguni: ayi! Mani! Ukuthi nawe uvele uphendule into ongabuzwanga yona uyafana nesidomu esathunywa isinkwa sabuya nosikilidi ngenxa yokungalaleli. Mina bengithi kanjena kunento engididayo lana, Wena wangitshela into bengingayibuzanga yona nje.
MaZungu: ngiyaxolisa phela baba hawu yini kangaka bo, simakade sengize ngigquzwe kangaka ngathi sengibulale umuntu, kahleni bo.
Mnguni:( ngokuthukuthela) sengibizwa nge phela futhi kahle, Kahle Wena mfazi uyangeyisa wena, uyangijwayela nje (asukume amushaye ngempama)
MaZungu: (ngokukhala) hawu baba sewungishayelani manje? Ngikwenzeni? Cha umuntu uyahlukunyezwa njena layikhaya. (Akhale).
Mnguni: ukuthi sewungenza untanga wakho ngizokuphinda phela anginqeni ukukuphinda yezwa!!!?
MaZungu: (ngokukhala) ngikwenzeni mina ngempela?(Kuthi kusenjalo kungene uZinhle)
Zinhle: sanibonani malume no malumekazi, bengisalethe nanti itiye.
Mnguni: yebo mshana siyabonga.
MaZungu: (ngokukhala) yebo Zinhle unjani?
Zinhle: ngiyaphila malumekazi, kwenzenjani kwangathi uyakhala njena?
MaZungu: chabo mntanami angikhali ukuthi ngixhoshiwe nje esweni kuphela unganaki.
Zinhle:(ngokumangala) noma ngabe uxhoshiwe malumekazi kodwa uze ube bomvu kanjena pho?
Mnguni:(ngokuthukuthela) uyakutshela nje ukuthi uxhoshiwe manje wena ufuna enzeni Uma ngabe exhoshiwe ehlweni? Akuphe lento emxhophile?
Zinhle: kangisho kanjalo malume...
Mnguni: uthini pho? Awunakho ongakwenza ekhishini?
Zinhle: kukhona...
Mnguni: kulungile hamba khona ke... Bye!
(Aphume uZinhle elokhu exakeke kanjalo ahambe ayowasha izingubo zakhe zokugqoka)
Zinhle: (ekhuluma yedwa) Kazi kwenzakalani ngoba phela umalumekazi kuyabonakala nje ukuthi bamshayile, ihhe kushuthi akubhulwa mina ngedwa Uma kunjena Yazi Kanti ibuye itholwe nanguye umalumekazi induku? Ayi ngathi kukhulu okuseza njena layikhaya. Manje kangazi noma umzala kuzomele ngimazise ngalento engiyibone kumamakhe noma kanjani? Kodwa kuyosiza ukuthi ngithule ngingaze ngibhulwe ngiphendulwe inhlekisa.
(Kusesikoleni ngesikhathi sekhefu. UThobile uhleli no Ayanda bayaxoxa bese kuqhamuka u Thabo no Vela)
Thobile: yazi nginezindaba ezimnandi kanjani we Ayanda kodwa ngizocela ungazitsheli muntu.
Ayanda: kwenzakalani bo ngiyathembisa angeke ngiyithi vu komunye.
Thobile: kulungile uyabuya maduzane umngani wakho ngikhulumile naye.
Ayanda: kwaze kwangithokozisa ukuzwa lawo mazwi yazi phela sengimkhumbule uhlanyozi wami bakithi, buye sengimkhumbule Nkosi yami, iwele Lami.
Thobile: khululeka uzombona maduzane nje bekezela.
Ayanda: angisajahile nje Nkosi yami. Phela ngiyawuthanda Loya mphefumulo mina.
Thobile: siyafana yazi nami ngiyazifela ngomzala uZinhle ukuthi nje akafuni ukukhuluma ukuthi udliwa yini.
Ayanda: ngizozama ukukhuluma naye Uma efika bese ngikutshela ukuthi kwenzakalani ngoba mhlampe Wena uyakusaba uhlanyozi wami bakithi, akabuye bo.
(Kuqhamuke uThabo no Vela bafike bahlale nabo eduze kuka Thobile no Ayanda)
Thabo: (ngokuphapha) sanibonani, ubani obuyayo?
Ayanda: akunamuntu obuyayo ukuthi nje nina nithanda izindaba zamantombazane.
Vela: bakuthola namhlanje Thabo, ukuthi uyaphapha nawe ntwana yami.
Thobile: siyanibona ke nani ninjani ke? Senifika seniphawula nje ezindabeni ezinganifuni.
Thabo: hawu! Bafethu nonke nihlangene ngami vele? Cha ibhadi lami ke leli.
Thobile: kasihlangene ngawe, ukuthi ukuphapha nokuba yinyama yomsipha ugaxele yonke indawo ongadingeki khona okwenza Kube ngathi sihlangene ngawe. Uyazi kwesinye isikhathi kuyadingeka ukuthi Uma ungumuntu uke uvale umlomo ubone ukuthi uzovelani.
Vela: kodwa nawe nkabi yami, Thabo akumelanga uvele uqhamuke sewugxamukela nje ubolinda Uma kungukuthi indaba abaxoxa ngayo iyakudinga, kuyoba yibona abakuxoxelayo.
Ayanda: Manje ake nisho Vela no Thabo singanisiza ngani namhlanje?
Thabo: besindlula nje sinibingelela
Thobile: kulungile senibingelelile ke, nihambe kahle ke.
Vela: hawu! Mantombazane kwenzenjani namhlanje naba muncu nje?
Ayanda: simuncu? Kade sewuke wasinambitha okanye wasikhotha ukuze uthole ukuthi simuncu? Cha niyasijwayela ikahle hle bafethu yazi.
Thobile: uyazi Ayanda ngizitshela ukuthi ngikubona ngingedwa lokho ukuthi sizalelwe yinja endlini namhlanje okanye sinonelwa yizingulube nelanga lishisa kangaka cabanga?
Thabo: Asambe Vela mfethu kambe vele phela legenge iba kanjena Uma kuyileso sikhathi senyanga, yikho besiphendula ngolaka nje.
Vela: uqinisile lapho ntanga kasihambe.
Thobile: hambani vele futhike besinganibizile kuyafana. (Behambe uThabo no Vela)
Ayanda: (ngohleko) cha sabatshela ke namhlanje bayajwayela laba (beshayane izandla).
Thobile: mina bavele bangidina nje yazi bavele baba ngabo qhamthushu nje bengalindelwe, asambe siye egumbini nangu nothisha useyeza nensimbi seyikhalile.
(Bahambe bangene egumbini labo. UMabizela uhleli yedwa ehhovisi lakhe ulokhu ephezu kwemicabango yokuthola uZinhle)
Mabizela:(ecabanga) "ihhe yazi ukuze ngithole lengane engu Zinhle kuzomele ngenze ucwaningo olunzulu ngokushesha, futhi into engangisheshisela ukuthi ngibize u Thobile mhlampe uyena ongangixhumanisa no Zinhle. Kodwa manje nakuye u Thobile ngizoqala ngokuthini ngoba uzovele abone ukuthi kunento eshaya amanzi lana, kodwa ngoba kumele ngibe ngikhulumile no Zinhle engakaculi emaphoyiseni ngento eyenzeka ngoba phela kungabe kuphelile ngami ngingaba yini nje emphakathini bese umsebenzi wami wona? Kwaze kwanzima ke manje ingabe ngangenzani ngangingenelwe yini nje ngize ngibambe ingane yabantu. Eish ukuthi nayo yinhle man yazi."
(Kusegumbini labafundi kukhuluma u Thobile no Ayanda)
Ayanda: uyazi kunento engiyibhekayo lana ngalabafana we Thobile.
Thobile: baphi abafana manje? Ukhuluma ngani Kahle hle?
Ayanda: ngisho Laba abafike sihleli abo Thabo no Vela.
Thobile: oh! Usho labo Kanti? Yini ke lena osuyibonile ngabo mina engingayibonanga?
Ayanda: labafana bayakufuna...
Thobile: ayi! Ayanda, yibambe lapho akukho mfana noma abafana abangifunayo mina.
Ayanda: ngiyakutshela yazi inkinga engiyibonayo ukuthi bayakusaba.
Thobile: ayi, Ayanda uyaphupha ntombazane abangifuni futhi nami angibafuni ngisho oyedwa kubona.
Ayanda: ayi kulungile ngoba uyaphika kodwa kusobala ukuthi nawe uyayibona lento engiyibonayo.
Thobile: Chabo Sisi ubone kabi ngoba umuntu abamfunayo ngu Zinhle akumina futhike bengangiqalaphi nje mina ngoba kangingeneki mina, iningi labafana Lana esikoleni nasemakhaya lingisaba Kabi phela nginesthunzi Uma besho.
Ayanda: Manje awusho Uma kungaba khona okushelayo kushuthi ungabaleka (ahleke)
Thobile: (ngokuhleka) ungithatha kanjani kodwa Ayanda ? Ngingabe sengibalekelani Manje ngoba ngingamuzwa nje ukuthi ungibhedele uthini ngiqede ngimugquze nje ngimkhiphe esikhwameni.
Ayanda: weeeh! Yazi ke abantu abajwayele ukusho njengawe yibona ke ababathanda kakhulu ngoba baba nesiqiniseko sokuthi bafuna ukukugoba uze uthambe, bese ulalela umthetho wabo.
Thobile: ayi mina mhlampe lokho bengakwenza kwabanye ngoba mina angiyena umngani wabo.
Ayanda: uyabona umuntu okubonakala ngathi uyaphupha Lana phakathi kwethu nguwena ngoba phela umhlaba Lona uyashayana.
Thobile: mina, Ayanda akunamfana ozongijola ngisafunda ngoba indaba yomjolo ngizoyibona sengisebenza futhike angiphathi eyokulala nomfana ngiyoyibona sengishadile.
Ayanda: cha waze wangixoxela inganekwane emini kangaka ufuna ukungiveza izimpondo phela Wena, uyongibuza ungiphale ulwimi lana sebekumithisile njengoba uziphakamisa kangaka nje Thobile. Ngiyakutshela ngabafana Laba ababhenywa bengensangu.
Thobile: nami ngiyakutshela Ayanda ngizethembile phela mina angikho ntekenteke ulwatha nje chabo.
Ayanda: kulungile ngiyakuzwa ntokazi yako Mnguni, ake ngiqedele ukubhala lemibhalo uthisha asinike yona ngoba Uma ngingaphika nawe ngiyogula okwangempela.
(UZinhle uhlezi kwenye indlu emini uma eseqede ukupheka waphaka wahambisa ukudla endlini lapho kukhona umalume no malumekazi wakhe)
Zinhle:(ekhuluma yedwa) "ihhe! Kambe kusasa ngiya esikoleni ngiyazisa ngisayoba yihlaya isikole sonke eyi Kazi uyophela nini unyaka kodwa ayikho ijika kumele ngiyekhona noma kunzima nje."(Kungene uMaZungu ngaleso sikhathi bese bekhuluma)
Zinhle:(ngokuthuka) hawu malumekazi seniqedile njalo ukudla masinya kanjena?
MaZungu:( ngomoya okhathazekile) cha akunjalo mntanami, umalume wakho usele yedwa ngale uyadla mina ngize lana ngoba nakhu ngifuna ukukhuluma nawe.
Zinhle: ufuna ukukhuluma nami malumekazi? (Ngokumangala)
MaZungu: Yebo Zinhle kumayelana nokubone ekuseni.
Zinhle: yazi malumekazi bengixakekile ukuthi kungani bewungaleya ndlela, kwenzekeni vele malumekazi?
MaZungu: yize kuyindaba yabantu abadala mntanami kodwa ngoba ubonile ngizokutshela ke. S**e saba nokungaboni ngaso linye sino malume wakho okube sekufinyelela ekutheni aze angiphakamisele isandla kodwa ke akulutho olutheni sesiyilungisile leyonto futhi into engizokucela Yona ukuthi ungalinge umtshele UThobile ngalento ngiyakucela, ngoba nawe kumele ngabe awuyibonanga sdalo nje.
Zinhle: kulungile malumekazi ngizokwenza njengoba usho nje, angeke ngimtshele umzala ngoba iyomphazamisa nasesikolweni, kodwa ngiyathemba bekuqala kugcina malumekazi angithi?
MaZungu: nami ngithemba kanjalo Zinhle ngoba lento izoniphazamisa niyizingane zalayikhaya.
Zinhle: kona kunjalo malumekazi.
MaZungu: kwathi ukuba nconywana njengoba sengikhulume nawe yazi.
Zinhle: ngiyajabula nami malumekazi ukukubona umamatheka kunalento bewuyiyona ekuseni.
MaZungu: ayi Wena ukuthanda izindaba zabantu abadala njalo (bahleke)
Zinhle: ayi malumekazi akumina othanda izindaba kodwa izona ezisuke lena ekudeni zasondela kimi. (Ngohleko)
MaZungu: awuke usho Zinhle mntanami Kanti lokhu kugula okukuphethe akupheli yini ngoba phela kumele ngabe Kade wabuyela esikoleni?
Zinhle: yazi malumekazi ukhuluma into ebengilokhu ngiyigidagida emqondweni wami njengoba bewungena nje.
MaZungu: qhuba ngilalele, uyigidagide wagcinaphi ke?
Zinhle: ngize ngafinyelela esinqumeni sokuthi kusasa ngibuyela esikoleni yize ngingakalulami Kahle kodwa sekumele ngiye esikoleni.
MaZungu: Kona uqinisile ke lapho Zinhle, ngoba uyasala phela nasezifundweni futhi sekuzomele sikuse enyangeni manje ukuze kuyobonakala ukuthi yini ngampela lena ekuphethe.
Zinhle: angisiboni sikhona isidingo senyanga malumekazi kodwa yazi ngoba mina ngizoba kahle ngilulame kungekudala.
MaZungu: kodwa Zinhle usugule isikhathi eside futhi lokho sekungiphatha kabi njengomzali ngoba mntanami singaxabana ukuxabana kodwa ngiyakuthanda mina akusho ukuthi njengoba washiywa ngabazali nje awusamele uthole uthando lwethu njengabazali.
Zinhle: (zicwebe izinyembezi) kungabe lamagama owashoyo malumekazi, ashiwo nguwena noma wenziwa ukuthi uyangiduduza nje ukuze ngizophindela esikoleni?
MaZungu: uyabona lokhu engikushoyo Zinhle kuphuma phakathi ekujuleni kwenhliziyo yami futhi kwezinye izinto ezinokwenzeka layikhaya kuwena zinokungiphula umoya kube ukuthi kanginamandla mntanami okukusibekela ngikuphephise kuzona ngoba uyamazi unjani ubaba wakuleli khaya. (Zehle zilakanyana nakuye, bangane beno Zinhle)(Kungene uMnguni ngaso leso sikhathi besakhala, angene esememeza kakhulu)
Mnguni: (ememeza) yey! Kwakhalwa nje layikhaya sekushone bani? Ningazongihlolela ilumbo nina senimane nikhale nje kungonakele kutho? Ningangicashli mina.
MaZungu: (esula izinyembezi) uxolo baba kasikhali ukuthi nje besizixoxela no Zinhle ngezindaba zakudala manje kwabe sekuthinteka izinyembezi siyaxolisa.
Mnguni: (ngokuthetha) Kwa Zinhle lowo ebe engayi ngani esikoleni angithi sewaziphendula umahlalela wakhetha ukuduba isikole?
Zinhle: angisidubanga isikole malume ngiyagula nje?
Mnguni: Uma ungasidubanga isikole wenzani ke? Ulokhu uzigulisa unyaka wonke lana ngoba ufuna ukulova esikoleni lwabishi.
MaZungu: baba ingane iyagula kungakho ingayile esikoleni.
Mnguni: thula, Wena Thula!!! Ngizothi ngis**a ngibe ngikusakaza ngempama nje ukhuluma izindaba ezingakufuni, nx!!!
MaZungu: ngiyaxolisa baba sengithule.
Mnguni: kuyokusiza lokho ke, Wena! (Ekhomba uZinhle) uphoxa udadewethu nje ilokho okwaziyo. Kazi uyazi yini unyoko ukuthi Wena sewaba uhunta ngiyazisa ngoba unyoko wayesithanda kangaka isikole kodwa Wena umatasa nokulova, agha! Man! Uyangenyanyisa.
Zinhle: umama akenzanga lutho nje malume kungani sewumfaka lana manje ngoba phela nginesiqiniseko sokuthi naye lapho ekhona uyabona ukuthi ngiyagula kodwa ke esikoleni ngizoya khululeka.
Mnguni: oh! Sewukwazi ukungiphendula lwabishi (amsakaze ngempama) sewuzibona ungumfazi lana kwami? Lalela ke sisi Uma sewungeyona ingane lana kwami uyosiza ungiphumele ngesango ngoba phela usungumfazi. Abafazi baganile, basemizini yabo.
MaZungu: kodwa baba usungaze ufune ukuxosha ingane nje kwenzenjani? Ikwenzeni ingane njengoba sewusho zonke lezinto ozishoyo kuyona?
Zinhle:(ekhala) Kanti layikhaya ngakonani malume? Kungani njalo mina ngahlezi ngiwukudla kwenduku nje? Kungani wangithatha emveni kokushona kwabazali bami, Uma Kanti wawuzkngithwesa ubunzima ungiphendule imbongolo ehlezi Yona ishaywa kodwa ibe iphethe umthwalo, yini ngampela malume ngakwenzani ungasasho nje ngicele uxolo.
Mnguni: ngizosuke nginidinde ngemvubu ke manje ngoba seniqala ukungejwayela senikwazi nokungingena emlonyeni sekungumuzi wenu lona? Noma sonke sesingamadoda manje? Wozani sibambane njengamadosa ke (ebe efumba inqindi).(Baphume babaleke uZinhle no MaZungu bamshiye endlini)
Zinhle: malumekazi soyimisa kanjani lento ekanjena ngoba phela umalume uzosikhiyela emzini wakhe?
MaZungu: Zinhle mntanami Uma isimo sesinjena kuzomele ngibuyele phakathi endlini amane angishaye ukuze Wena uzokhona ukuphumula , ulungisele nokuya esikoleni kusasa.
Zinhle: (ekhala) Chabo malumekazi ungayi ngoba engakulimaza umalume.
MaZungu: (zehle izinyembezi) Zinhle ngizokwenza konke okusemandleni ukuze nina niyizingane nizophepha nikhuseleke.(Ahambe ngampela uMaZungu abuyele endlini, uMnguni ashaye uMaZungu aze adele abhodle)
Mnguni : ( esebhodile) nkosikazi ngicela ukuthi ngibe nezwi nawe (ebedonsa istulo ehlala phansi)
MaZungu: (ngokukhala) sekwenzenjani manje baba?
Mnguni: mama wabantwana bami ngiyaxolisa ngesenzo esenzekile kodwa yilengane esiqhathayo.
MaZungu: chabo baba ingane kayizange isiqhathe futhi kayenzanga lutho ngoba sivele sabona Wena nje sewuvuka injebomvu ususigijimisa kungakho ngibe sengibuya ngoba ngingafuni ushaye uZinhle ngoba iyagula ingane.
Mnguni: uxolo nkosikazi kungabe yena umshana uphethwe yini kahle hle?
MaZungu: chabo baba kanginalwazi kodwa uzoya emtholampilo ke kungekudala. Baba kawuke ungitshele kungani njalo lengane wahlezi uyidinelwe nje, njalo wahlezi ufuna ukuyishaya kungani?
Mnguni: yazi nkosikazi kangazi nami ukuthi kwenziwa yini ngoba njalo Uma ngiyibuka ngivele ngifikelwe ulaka nje lokuthi unina wayo wayethandwa kakhulu ngabazali bethu futhi yena walithola ithuba lokuyofunda ekubeni mina ubaba wangiyekisa isikole ngisenza ibanga lesithathu kwadingeka ukuthi ngiyosebenza ebhunwini. Manje konke lokho kungivusela ulaka ngoba nonina walengane wakhulelwa kwadingeka ukuthi umali yami engangiyithola kwamlungu ngiyicozule ngimsize lapho nalapho ngoba abazali bethu bathi bona abayingeni, baze bashona nje umama nobaba ngilokhu ngibondla uZinhle nonina lokhu okunguyise kugwinywe yizintaba zase Goli.
MaZungu: kodwa baba ingane yona kayinacala nje? Kungani wena ungaxoli undlulise okwenzekayo eminyakeni eyendlule?
Mnguni: into engicasula kakhulu ngukuthi ukube kangikhishwanga esikoleni ngisemncane mhlampe ngabe ngizimali zami kuyimanje, ngabe kangeswele lutho.
MaZungu: kodwa namanje kawuswele lutho baba ngoba usakhona ukusebenza futhi namasimu ayasikhiphela ukudla, Pho manje kungani ungandlulisi ngoba phela ungathola ukuthi nguyena Zinhle oyokusiza uma esesebenza
Mnguni:(ebabaza) mameshane! Loyo nokusiza mina? Ungakhotha indololwane inkosi impela.
MaZungu: ayibo baba yazi kungenzeka ngempela uthole ukuthi lentandokazi yakho yona ikujikele esiswini njengo tshwala njalo
Mnguni: lutho nkosikazi phela mina ngazala isiqenqe sengane into ezaziyo ukuthi ifunani empilweni ayi lezi ezinye izidomu.
MaZungu: ngiyakuzwa baba, ake ngike ngiyochitha amanzi nanka esengibhozomela. ( asukume aphume aye endlini encane)
( UZinhle beno Thobile bahleli egumbini labo lokulala bayaxoxa)
Thobile: kungabe sewulilungele usuku lwakusasa mzala?
Zinhle: yebo mzala yize nje nginokwesaba okuncane yazi.
Thobi: kanti chabo wena mzala ungasabi angithi nami ngizobe ngikhona nje.
Zinhle: ayi kulungile mzala njengoba uzobe ukhona nje nami ngizozama ukuma isibindi futhi lokho kuyongenza ngibe nogqozu lokubhekana nazo zonke izinqinamba ezingavela.
(ekhulume ngenhliziyo) eish kambe ngisazolokhu ngibonana nalesicefe esingu Mabizela iyoh ngisazoke ngivelelwe ke mina nkosiyami.
Thobile: mzala buya bo nginawe layindlini.
Zinhle: ngikhona nje mzala?
Thobile: ayi kade sewukude kabi ngokwemcabango lokho bekucace bha.
Zinhle: maye! kodwa mzala ayikho leyonto okhuluma ngayo yazi.
Thobile: kanti nginamanga yini kodwa, mzala ngiphikise ke.
Zinhle: kulungile ke mzala ungibambile ke.
Thobile: bewujule ngani ke lena engaka?
Zinhle: (ngokubabaza) ayi mzala bengijule ngendaba yokuya esikoleni kusasa, yini enye kodwa engingajula ngayo?
Thobile: angeke ngazi phela mzala mhlampe bewusajule ngokuthi wagcina ungangitshelile ukuthi kwenzekalani ngenkathi us**a ku Mabizela.
Zinhle: (ngokuphakamisa umoya) ayi Thobile awume kancane kungani kulokhu njalo nje uma ngikhuluma nawe ulokhu uvusa izinto eziningi? ngakutshela nje ukuthi akukho okwenzeka.
Thobile: ncese bo mzala ungaze ungidle ngiphila habe! yini kangaka?
Newcastle
Be the first to know and let us send you an email when Ikusasa kalaziwa book by Siyethemba Dizzmar Thwala posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.
Send a message to Ikusasa kalaziwa book by Siyethemba Dizzmar Thwala: